top of page

Kufunwa owokufika okhale wemuka nobucwebe bezigidi, komqashi wakhe eThekwini

  • Writer: Sifiso Ngobese
    Sifiso Ngobese
  • 1 day ago
  • 1 min read
Isithombe: Sithunyelwe
Isithombe: Sithunyelwe

Amaphoyisa, eThekwini athungatha owesifazane wokufika waseMalawi osolwa ngokweba ubucwebe obubiza cishe u-R1 million kanye nemali bomqashi wakhe abemsebenzela njengomsizi wasendlini.


Ngokusho komqashi, umsolwa abemazi njengoFatima Lawerence, okukholakala ukuthi usebenzisa igama elithi Esther njengoba libonakala epasipoti yakhe. Uneminyaka engu-28 ubudala futhi unendodakazi eneminyaka emihlanu (5).


Impahla eyebiwe ilesisebenzi ihlanganisa ubucwebe begolide, okuhlanganisa nezinhlamvu zemali eziningana zeKruger. Iqoqo, elibiza cishe u-R1 million, linenani njengoba lidluliselwe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Kubikwe ukuthi imali eyengeziwe engu-R10,000 nayo yebiwe. Umqashi weluleke ngokuthi uLawerence ubesebenza njengesisebenzi sasekhaya iminyaka engaba yisikhombisa (7). Kukholakala ukuthi angase azame ukubalekela eMalawi.


Umndeni uthole ngalenhlekelele yokwebiwa ngemuva kokubuya ekhaya cishe ngo-17:30 ntambama, kanti kucelwa noma ngabe ubani onolwazi mayelana nokuthi ukuphi uLawerence ukuba axhumane neReaction Unit South Africa (RUSA) ngokushesha ku-086 1234 333.

Comments


Top Stories

Hlala unolwazi ngezindaba zakamuva. Subscribe to our daily newsletter.

  • Instagram
  • Facebook
  • Twitter

© 2026 by IBUNDA NEWS. All rights reserved.

bottom of page