Umgadli wamaZulu FC Ufunwa Uthuli yi Mamelodi Sundowns
- Sifiso Ngobese

- 2 hours ago
- 1 min read

USiphesihle Nyamazane Ngubane ongumgadli weqembu lamaZulu FC ufunwa uthuli yiqembu le Mamelodi Sundowns.
U Paul Cardoso no Bandile Mthembu baqale ukulandela lomdlali ongalibheki ipali waseMabomvini kwaDolo ngosuku lokuqala lwe Engen Knockout Cup ngomgqibelo baze bayomfuna ekhabonina kwaNgcolosi, babuya baze bamthola eMatabetulu lapho sekwkakhe khona abazali bakhe.
Abazali baSphesihle Ngubane okungu Mzokhona Ngubane no Nokuthula Ngubane bona bathi abanayo inkinga mangabe leliqembu lase Chloorkop, i Mamelodi Sundowns FC limfuna ngendlela eqondile.
Kuzomele baxhumane neqembu lamaZulu FC anenkontileka yeminyaka emithathu nalo.
UNyamazane ube ngumgadlli ovelele ku Engen Knockout Cup obubanjelwe ezinkundleni zase Hollywoodbets Kings Park Stadium.
Lomgadli oneminyaka yobudala eyishumi nesithupha uvalele phakathi amagoli amathathu, waphinda walekelela abanye abadlali. Unyamazane uphinde wasiza iqembu lamaZulu FC laba ngompetha be Engen Knockout Cup.
Alfred Ngubane








Comments